Umchazaluntu yigama elihumusha elithi 'Anthropology (lisuselwa kwisiGriki:ánthrōpos-umuntu,logos- isifundo) lisho isifundo senzululwazi ngabantu esihlanganisaumchazampilo kanyenomchazanhlalo, esiphathelene nokuziphatha kwabantu, umchazampilo wabantu, amasiko, imiphakathi, kanye nezilimi, kwenkathi yamanje nedlule,ngokubandakanya nabantu basendulo. Umchazaluntu wenhlalo ufunda izindlela zokuziphatha, kanti umchazaluntu wesiko ufunda incazelo yamasiko, okubandakanya izimiso kanye namagugu. Igama elithisociocultural anthropology (umchazaluntu wesikompilo) yilona elivame ukusetshenziswa namuhla. Umchazaluntu wezezilimi ucwaninga ukuthi ulimi luyithonya kanjani impilo yomphakathi. Umchazaluntu wezempilo(noma wangokomzimba) ufunda umchazampilo kanye nendabuko yabantu kanye nezihlobo zabo eziseduze..[1]
- ↑"What is Anthropology?". The American Anthropological Association.American Anthropological Association. Archived from the original on 16 February 2016. Retrieved 10 August 2013.