Movatterモバイル変換


[0]ホーム

URL:


Jump to content
Wikipedia
Bheka

Ukudandanisa

Mayelana Wikipedia

Ukudandanisa, okwaziwa nangokuthiumDando, kuyinqubo yokuqopha nokudludlunga ukwaziswa okumayelana nemihwebo yezomnotho, efananemihwebonemishumanqa . Ukudandanisa kulinganisa imiphumela yobuqhebeqhebe bezomnotho benhlangano futhi kudlulisela lolu lwazi kubabambiqhaza abahlukahlukene, okuhlanganisa abatshalizimali, ababolekisi, abaphathi nabalawuli. Abasebenza emkhakheni wezomdando baziwa ngokuthi abadandanisi. Amagama athi "ukudandanisa" kanye "nomdando wezezimali" avame ukusetshenziswa ngokushintshana.[1]

Umdando ungahlukaniswa ube yimikhakha embalwa ehlobene ehlanganisa ukudandanisa izimali, umdando wabaphathi, umdando wentela, kanye nomdando wezindleko.[2] Ukudandanisa izimali kuhlozinga umbiko wolwazi lwezezimali zenhlangano, kuhlanganisa nokulungiselelwa kwemidando yezezimali, ukuze kufundwe abasebenzisi balokho kwaziswa abangaphandle abafana nabatshalizimali, abalawuli nabahlinzeki.[3] Umdando wabaPhathi uhlozinge ekulinganisweni, esihlaziyweni nasekubikweni kolwazi olusetshenziswa abaphathi ngaphakathi ukuze bathuthukise imigidingo yomhwebo.[4][3] Ukuqoshwa kwezinanamali ukuze okufingqiwe kwezezimali zethulwe emdandweni wezimali, kwaziwa ngokuthi ukugcinamabhuku, futhi uhlelo lokuqopha kabili yilona oluvamile.[5] Izimiso zokwaziswa komdando ziklanyelwe ukuphasa ubuqhebeqhebe bokudandanisa nobuhlobene nakho.

uMsukagama

[hlela |Hlela umthombo]
Early 19th-centuryledger

Womabili amabizo elithi "Umdando" nelithi "ukudandanisa" aqhamuka esenzweni "danda", ngokwesichazimazwi sikaVilakazi noDoke esisho 'ukubikwa kwezifiso zoMnumzane noma ukwenza iziqondiso zomuzi: ukuhlela izindaba zomndeni; ukutshala indima ngemigqa."[6] Kungenzeka ukuthi elithi "danda" lihlobene eduze nelithi "landa". Lencazelo ikhanyiswa amagama ahlobene nesenzo ukudanda afana nelithi "ukudandabuza" elisho 'ukulanda undendende noma umbiko omude.'[7] UVilakazi noDoke bathi elithi "Umdando" lisho umbiko noma amahebezi. Lokhu lwenza leligama lifaneleke njengoba ukubalwa kwezimali kwenziwa ngenhloso yokuhlanganisa umbiko wezimali, okungumdando wezimali, noma ukudandaniswa kwezimali.

umchazabizo

[hlela |Hlela umthombo]

Umdando uchasiswa ngezindlela ezihlukene ngokuthi ukugcinwa noma ukulungiselelwa kweziqoshwa zeminanomali yenhlangano, ukuhlaziywa, ukufakaziswa nokubikwa kwalezo ziqoshwa kanye nezimiselo zomdando nezinqubo zomdando ezamukelwa jikelele; lelibizo kanye nelithiukudandanisa asho umsebenzi owenziwa umdandanisi.[8][9][10]

Amaphatho

[hlela |Hlela umthombo]
  1. The introduction of International Accounting Standards in Europe: Implications for international convergence. p. 101–126. https://www.tandfonline.com/doi/abs/10.1080/0963818042000338013. Retrieved 3 April 2023. 
  2. Cite error: Invalid<ref> tag; no text was provided for refs namedWC 1981
  3. 3.03.1Cite error: Invalid<ref> tag; no text was provided for refs namedHDF 2006
  4. Cite error: Invalid<ref> tag; no text was provided for refs namedNP 2013
  5. Lung, Henry (2009).Fundamentals of Financial Accounting. Elsevier.
  6. Doke, Vilakazi (1972).Zulu-English Dictionary. Witwatersrand University Press. p. 138.
  7. Doke, Vilakazi (1972).Zulu-English Dictionary. Witwatersrand University Press. p. 139.
  8. "accounting noun – definition in the Business English Dictionary".Cambridge Dictionaries Online. Cambridge University Press. 2013. Archived fromthe original on 2 July 2015. Kulandwe ngomhlaka30 December 2013.Unknown parameter|url-status= ignored (help)
  9. "accounting noun – definition in the British English Dictionary & Thesaurus".Cambridge Dictionaries Online. Cambridge University Press. 2013. Archived fromthe original on 2 November 2014. Kulandwe ngomhlaka30 December 2013.Unknown parameter|url-status= ignored (help)
  10. "accounting".Merriam-Webster. Merriam-Webster, Incorporated. 2013. Archived fromthe original on 23 July 2022. Kulandwe ngomhlaka30 December 2013.Unknown parameter|url-status= ignored (help)
"https://zu.wikipedia.org/w/index.php?title=Ukudandanisa&oldid=112208" تان ورتل
Izigaba:

[8]ページ先頭

©2009-2025 Movatter.jp