
IsOhwe, noma (uMoya-mpilo)siyinhlwa yevanga enophawuOnenani lobuChwe isi-8. Siyilungu leqembu le-chalcogenecansini lezinhlwa, okusenza into engenkimbi enanela kakhulu, futhi iyisithuhli(oxidizer) esikulungele ukwakhaizintuhla nezinhlwa eziningi kanye neminyeimixube. IsOhwe siyinhlwa eyinala kakhulukuNomkhubulwane, futhi ilandelaihwanzinehwelanga njengenhlwa yesithathu eyinala ngokwengeziwekumkhathilibe. Ezingeni lokushisa nokucinana okujwayelekile, amachwe amabili enhlwa enza isibhonqi ukuze akheisOhwembili, okuluhowo olungenambala nolungenaphunga lobuchwembili.UHowo lwesOhwe yobuchwembili kuyimanje lwakha amaphesenti angama-20.95%woMoyambulunga kaNomkhubulwane, yize lokhu kushintshe kakhulu emva kwesikhathi eside. IsOhwe sakha cishe isigamu segobohla lukaNomkhubulwane esimweni seNtuhla.
Zonkeizitshalo,izilwane,nokhunta ziyizinto ezidinga isOhwe ukuze kube nokuphefumula emangqamuzaneni, okuyinqubo egqoba isidlakathi lapho kulumbana isOhwe nemizwayi athathwe ekudleni futhi kukhiqiza umCalahle ontuhlambili njengemfucumfucu. Ezilwaneni ezinomhlandla ukuphefumula kusho ukufaka isOhwe emaphashini lapho kunanana khona uhowo, umCalahle ontuhlambili uhlakazeka uphume egazini, futhi isOhwe lungena luhlakazeke egazini. Uhlelo lomjikelezo womzimba luthutha isOhwe emangqamuzaneni, lapho ukuphefumula kwamangqamuzana okwenzeka khona.
Izigaba ezinkulu eziningi zamizwayi yemveloziseziphilini eziphilayo eziqukethe amachwe esOhwe, afananezakhamzimba,izimunyundeni, izifukuthisi namanoni, njengoba kunjalo nangezakhi ezinkulu zemixube engeyona eyemvelo yamagobongo ezilwane, amazinyo namathambo. Iningi lesisindo seziphili liyisigcoyisamanzi, okuyisakhi esiyinhloko sezinhlobo zokuphila. IsOhwe sihlunyeleliswa ngokuqhubekayo kumoyambulunga womhlaba ngenqubo yomdibakhanyo, esebenzisa isidlakathi sokukhanya kwelanga ukukhiqiza isOhwe kusuka emanzini nakumcalahle ontuhlambili. IsOhwe senana ngokwevanga ukuba singaba yinhlwa ekhululekile emoyeni ngaphandle kokuhlunyeleliswa ngokuqhubekayo yisenzo somdibakhanyo seziphili. Olunye uhlobo lwesOhwe, intshongohwe (ozone (O3), lumunyunga ngamandlaimiyonzi kazukhwithi ye-UVB futhi ubuhalalazi bentshongohwe buwusizo ekuvikeleni impilombulunga emiyonzini kazukhwithi. Kodwa, intshongohwe ekhona ebusweni bomhlaba ingumkhiqizo we-smog futhi kanjalo isingcolisi moya.