IsiGonwa sixhumakuxhakaxholo ukuze siveze ukwaziswa okuvelaku-Wikipedia ; ukuxhumana kwabuqamama phakathi kwezinhlelo zesiCikizi kuwuphawu lweNkathi yokwaziswa.Inkathi yokwaziswa (eyaziwa nangokuthiiNkathi yesiCikizi,iNkathi yezezibhangqiwe nomaisiKhathi seziNsizakusakaza[1]) iyinkathi yomlando eyaqala phakathi kwekhulu lama-20. Lenkathi yaziwa ngokugudluka kusuka ezimbonini ezazijwayelekile, ezasungulwa ngesikhathiseNguqulo yeziMboni, kuya emnothweni ogxileebuchwephesheni bokwaziswa.[2] Isileke seNkathi yokwaziswa sixhunyaniswa nokuthuthukiswa kwesiqhebanzuba(transistor) ngowe-1947,[2] isiqongisi senxoza ngowe-1957,[3] kanye ne-Unix time,[4] okwaqala mhla zi-1 ngoMasingana 1970, futhi isebenza njengesiseko sesiKhathi sendawoyonke esixhunyaniswayo(Coordinated Universal Time) kanye neGumelo lesiKhathi soXhoxho(Network Time Protocol). Lezi ntuthukiso zezobuchwepheshe zibe negalelo elikhulu endleleni yokudludlunga nokufufukisa ukwaziswa.
NgokoXhoxho lwezokuPhatha Sobala lweNhlangano yeZizwe, iNkathi yokwaziswa yakheka ngokusebenzisa izimpucuko zokuncuncukisa isiCikizi(computer microminiaturization),[5] okuyinto eyaholela ekwenzeni izimiso zokwaziswa zihambisane nezikhathi nasekutheni ukuxhumana ngoxhakaxholo kube yesiphoqi sokuthubeka komphakathi.[6]