Movatterモバイル変換


[0]ホーム

URL:


Jump to content
Wikipedia
Bheka

Ingqimbazana

Mayelana Wikipedia

Gr_hsp90_translocation

Ngokomchazampilo wengqamuzana,Ingqimbazana ibizo elibhekisela kuzo zonke izithako ezingaphakathikwengqamuzanalemvelendeni, elingungweulwelwesi lwengqamuzana, ngaphandle kwendeni yengqamuzana. Izithako ezingaphakathi kwendeni neziqukethwe ulwelwesi lwendeni zona zibizwa ngokuthi isicabandeni(nucleoplasm). Izigcoyi eziyinhloko zengqimbazana ziyintikicana(cytosol) (isiqa esintikintiki),izithokazane(organelles) (izinhlaka zengqamuzana ezingaphakathi), kanye nezinye izithako ezakha ingqamuzana. Ingqimbazana ngokwayo ingamanzi angama-80 ekhulwini futhi imvama ayinambala. Imisebenzi eminingi ebalulekile yengqamuzana yenzeka kwizithokazane, ezifana nezinsimbi zenguxa yokwenza imisebenzi eminingi.

Stomata_12_Septmeber_2018

Intikicana iqukethe ingxube eyinkimbinkimbi yemicuyesixhakangqamu, kufaka phakathii-endoplasmic reticulum kanye nezintozikaGolgi. Kubandakanyanemizwayi encibilikisiwe, namanzi agcwalisa ingxenye enkulu yengqamuzana. Ngenxa yalolu xhoxho lwemicu, ulwelwesi nemizwayikhulu emaningi encibilikile njengezakhamzimba,intikicana ayisebenzi njengoketshezi olulula. Umsebenzi oyinhloko wengqimbazana ukubamba izithokazane endaweni.

"https://zu.wikipedia.org/w/index.php?title=Ingqimbazana&oldid=102425" تان ورتل

[8]ページ先頭

©2009-2025 Movatter.jp