INyuvesi yaKwaZulu-Natali (IsiNgisi:University of KwaZulu-Natal), ngamafuphi (UKZN)isikhungo semfundo ephakeme esesifundeni saKwaZulu-Natali esineziza ezinhlanu esifundazweni.[1][2]Lesi sikhungo sasungulwa ngonyaka wezi-1910 khona kwaZulu lapho sasaziwa khona ngeUniversity of Natal. Ngonyaka wezi-2004 sasungulwa kabusha emva kokuhlanganiswa kweNyuvesi yaseNatali kanye neNyuvesi yaseDurban-Westville.[3]
Le nyuvesi yasungulwa lapho kuhlanganiswa iNyuvesi yaseNatali kanye neNyuvesi yaseDurban-Westville, ngowezi-2004.
Mhla zingamashumi amathathu nanye (31) kuMeyi 2002, uMkhandlu weNyuvesi yaseNatali wakhetha ukunikeza isikhundla sokuba isekela loMphathinyuvesi nesokuba iGunyanhloko leNyuvesi kusonzululwazi wezokwelapha odume umhlaba nowayenguMengameli woMkhandlu woCwaningo lokweLapha – uSolwazi Malegapuru Makgoba, owathatha lesi sikhundla mhla zilunye (1) luSepthemba 2002. Waphathiswa umsebenzi wokuhola iNyuvesi yaseNatali ukuyohlangana neNyuvesi yaseDurban-Westville. Ngokufeza lokho, waba isekela loMphathinyuvesi omthuku weNyuvesi yaseNatali. Wayelandela uSolwazi Brenda Gourley esikhundleni.[4]
Emva kokukhonza kafushane esikhundleni sokuba isekela loMphathinyuvesi, ngowezi-2004, wamiswa ngokusemthethweni njengesekela loMphathinyuvesi emva kokuhlanganiswa kwamanyuvesi amabili. Wamiswa mhla zingamashumi amathathu nanhlanu kuSepthemba 2005, njengesekela loMphathinyuvesi weNyuvesi yaKwazulu Natali.
USolwazi Makgoba wakhonza amahlandla amabili eminyaka emihkanu ngalunye, futhi wathatha umhlalaphansi ngowezi-2015. Ngenkathi ephethe, keakunezigemegeme eziningi. UMakgoba kuthiwa wadala "izimo zombango"[5] phakathi eNyuvesi, nezaphumela ekufudukeni kwezingqandavu zesigaba esiphezulu.[6] Walandela iNgcithabuchopho uAlbert van Jaarsveld.

Le Nyuvesi yakhiwe amakolishi amane nawo ngokwawo akhiwe yizikole eziningana ngaphansi kwawo.[7] Ezimweni eziningi, lezi zikole zihlakazeke ezakhiweni ezihlukene zenyivesi. Ngokwesibonelo,Umchazatho utholakala ezakhiweni ezise-Pietermaritzburg nase -Westville.[8]
Isikhungu esakhiwe ngokubambisana neSikhungu sezeMpilo sikaHoward Hughes yisona esiyisikhungu seSifo Sofuba nesaNdulela Ngculzi KwaZulu NataliK-RITH futhi savulwa ngowezi-2012. Sisesakhiweni sesikole sezokwelapha sikaNelson Mandela.
|url-status= ignored (help)<ref> tag; no text was provided for refs namedukzn-campuses<ref> tag; no text was provided for refs namedukzn-history|url-status= ignored (help)|url-status= ignored (help)|url-status= ignored (help)|url-status= ignored (help)|url-status= ignored (help)