inkundla iMoses Mabhida iyinkundlayebhola likanobhutshuzwayoeThekwini esifundazweni saKwaZulu-Natal eNingizimu Afrika, ebizwe ngokuthi yiMoses Mabhida, owayengunobhala jikelele we-South African Communist Party. Inkundla esetshenziswa kaningi, yaba yindawo yemicimbi eminingi, njengokugxuma kwe-bungee, amakhonsathi, ikhilikithi, ibhola likanobhutshuzwayo, ukuqeqeshwa kwe-galofu, imidlalo yezimoto kanye nenhlangano ye-rabhi.
Bekungenye yezinkundla ezibambele indebe yomhlaba yeFIFA ka-2010 . Inkundla imumatha abantu abaningi abangu -55,500 (inwetshwa ifike ku-75,000). Le- nkundla incikene neKings Park Stadium, eKings Park Sporting Precinct, kanyenesekhethi yasemgwaqweni yaseThekwini esetshenziselwa imidlalo yendebe yomhlaba yezimoto i - A1GP . Kuhlanganisa isikhungo sezemidlalo, kanye nesiteshi sezokuthutha se-transmodal.[1][2]
- ↑Mthabela BH.(2024).Tshwane University Of Technology. Pretoria, Sosh.
- ↑Mthabela BH.(2024).Tshwane University Of Technology. Pretoria, Sosh.