UCristiano RonaldoUCristiano Ronaldo dos Santos Aveiro (owazalwa ngo-5 February 1985) ungumdlali webhola lezinyawo wasePortugal odlalela i-Al-Nassr kanye neqembu lesizwe lasePortugal. URonaldo waziwa ngamakhono akhe, ijubane, nokushaya amagoli. Usewine inqwaba yezindondo, okuhlanganisa namaBallon d'Or amahlanu. Waqala umsebenzi wakhe ku-Sporting CP, futhi waba nempumelelo enkulu eManchester United,I-Real Madrid naseJuventus. URonaldo ungomunye wabadlali abahlonishwayo emlandweni webhola.
Omunye wabadlali abaziwa kakhulu futhi abathengiseka kakhulu emhlabeni, uRonaldo wabekwa njengomdlali ohola imali eningi emhlabeni ngu-Forbes ngonyaka ka-2016, 2017, 2023, no-2024[1][2] futhi njengo mdlali odume kakhulu emhlabeni nguESPN kusukela ngo-2016 kuya ku-2019[3]. U-Time wamfaka ohlwini lwabo lwebantu abayi-100 abanethonya elikhulu emhlabeni ngonyaka ka-2014.[4]
URonaldo ungumuntu odume kakhulu emithonjeni yezokuxhumana: unezilandeli ezingaphezu kwezigidigidi ezi-1 kuFacebook,Twitter,YouTube nakuInstagram, okuyinto eyenza waba umuntu wokuqala ukufinyelela kuleyo nkazimulo.[5][6][7] Ngo-2020, uRonaldo wabizwa njengeqembu leBallon d'Or Dream Team[8] futhi waba ngumdlali webhola wokuqala kanye nomdlali wesithathu kwezemidlalo ukuhola imali engaphezu kwezigidigidi ezi-1 zamaRandi emsebenzini wakhe.[9]